(Isithombe sithwetshulwe yi://africatimesmagazine) Lurnay Tshabalala-Mavuso | Umbhali oMkhulu | Amasiko Nobuciko | 24 kuMandulo 2024 KUWUSUKU olubaluleke kakhulu kwelase Ningizimu-Afrika. Usuku lokubungaza indabuko kanye namasiko abantu abenzinhlanga ezahlukene kuleli. Ngenkathi yobandlululo kwadaleka isehlukaniso esikhulu sobuciko babantu abantsundu, kanti ke loku kwadala enkulu ingxabano phakathi kwezinhlanga ezahlukene zabantsundu, kakhulukazi phakhathi kwesizwe sakwa-Zulu kanye nesizwe samaXhosa. Engingeke ngingene kakhulu emininingwaneni yakhona ngoba ngangingekho ngaleso sikhathi, kanti futhi engikwaziyo kungamahlebezi engiwezwe ngo gogo no mkhulu enginganaso nesiqiniseko sokuthi ngempela lokhu abangitshela kona kwaku yikho na. Izinhlanga ezahlukene kuleli zibungaza lolusuku ngokukhulu ukuziqhenya, loku kubonakala ngendlela abantu abagcoka ngayo ngaphambili kwalolusuku kanti futhi nangalo lolusuku. Lapho abantu bagcoka khona izimvunulo ezikhomba imvelaphi noma indabuk...
For the community by the community