Skip to main content

UKUBALULEKA KOKUBUNGAZA AMASIKO NENDABUKO YAKHO

(Isithombe sithwetshulwe yi://africatimesmagazine)

Lurnay Tshabalala-Mavuso | Umbhali oMkhulu | Amasiko Nobuciko | 24 kuMandulo 2024 


KUWUSUKU olubaluleke kakhulu kwelase Ningizimu-Afrika. Usuku lokubungaza indabuko kanye namasiko abantu abenzinhlanga ezahlukene kuleli. Ngenkathi yobandlululo kwadaleka isehlukaniso esikhulu sobuciko babantu abantsundu, kanti ke loku kwadala enkulu ingxabano phakathi kwezinhlanga ezahlukene zabantsundu, kakhulukazi phakhathi kwesizwe sakwa-Zulu kanye nesizwe samaXhosa. Engingeke ngingene kakhulu emininingwaneni yakhona ngoba ngangingekho ngaleso sikhathi, kanti futhi engikwaziyo kungamahlebezi engiwezwe ngo gogo no mkhulu enginganaso nesiqiniseko sokuthi ngempela lokhu abangitshela kona kwaku yikho na. 

Izinhlanga ezahlukene kuleli zibungaza lolusuku ngokukhulu ukuziqhenya, loku kubonakala ngendlela abantu abagcoka ngayo ngaphambili kwalolusuku kanti futhi nangalo lolusuku. Lapho abantu bagcoka khona izimvunulo ezikhomba imvelaphi noma indabuko umuntu ngamunye aqhamuka kuyona. Lolu suku ke lokubungaza amasiko nendabuko, kuwusuku oliyiholide kwiNingizimu jikelele, lapho abantu bonke bahlezi emakhaya baphumule abanye baye emicimbini ehleliwe yokubungaza amasiko nendabuko. Lolu suku ekuqaleni lwalaziwa nge - King Shaka Day. Lapho kwaku khunjulwa khona inkosi yesizwe sakwa-Zulu, uShaka owayezalwa yinkosi uSenzangakhona kaJama. Ukushintsha lolusuku, kwabangwa wukuthi lolusuku lwalubungaza uhlangothi olulodwa lwendabuko yesizwe sakwa-Zulu, kanti kunezinye izinhlanga ezinamasiko nazo khona lapha eNingizimu. Kulapho ke usuku lwanamhlanje lwaqala lwahlanganisa izinhlanga zonke, ukuze kususwe ingcindezi yakudala eyadalwa abamhlophe. Lolu suku luhlanganisa lezinhlanga ngaphansi kwegama lo Buntu, elidume ngesisho esithi "Umuntu ngumuntu, ngabantu", loku kuchaza ukuthi singabantu sonke siyadingana ukuze sikwazi ukuphilisana kahle futhi sihlalisane kahle. Yize noma inkathi yamanje ingasefani nenkathi yase Mandulo. Lolu suku luyisikhumbuzo sokuthi siyizinhlanga ezahlukene kufanele sihlangane sonke egameni lobuntu kanye nokubambisana ekulweseni izimpi ezibangwa yimimoya noma abantu bangaphandle, abeze ezweni lethu ngokungekuhle. 

Ngithanda ke ukugqugquzela abantu bakithi ukuthi mabaluthokozele lolu suku, futhi bafundise nentsha yanamuhla ngokubaluleka kwamasiko, indabuko kanye nobuciko. Ukuze nabo bakwazi ukubaluleka kwalolusuku baphinde bafunde kabanzi ngamasiko abo nendabuko yabo yemvelo, engikholelwa ukuthi kuyokwenza abantu bazazi baphinde bazikhumbule ngankathi zonke ukuba bona baqhamuka kuphi futhi bangobani. Ngaze ngakhumbula ugogo wami osewadlula emhlabeni, waye thanda ukuthi, "Emhlabeni akufanelanga uphile ungazazi ukuthi uyisidikiselo saliphi ibhodwe", ayekuqondile wukuthi, empilweni kufanele uzazi ukuthi uwubani, wakwabani, uzalwa kuphi, wubani futhi kanjani. Lokho kuyokwakha futhi kuphinde kuku qinisekise enhlizweni, ukwazi ukuthi wena uyingane yakwabani futhi eqhamuka kuphi, ukuze uphinde wazi nezimfundiso ozitholile ekhaya lapho uphuma khona. 



TSAKANE INFORMER 

 

Popular posts from this blog

TSAKANE SECONDARY SCHOOL IN SHAMBLES

           Image by : Antonio Muchave  Lurnay Tshabalala-Mavuso - Senior Reporter | News & Affairs | 29 January 2025  TSAKANE SECONDARY SCHOOL, one of the local high schools in Tsakane, Ekurhuleni has been quite a popular school with news headlines of learners committing suicide each year. Each year the school gets it's new trend with a story of a learner that has either committed suicide, abused or died suspiciously. Even though there is that, parents do not cease to register their children to this school even with it's numerous scandals and the image that it now holds. Learners share very sad and traumatic experiences and sentiments about the school and others shared that they cannot wait to get to matric, so that they can leave the school and never come back. While some are worried that as they observed the current tragic events, they worry about even seeing themselves completing matric at this school.  With another tragic ...

DECEASED EMPD OFFICER'S WIFE IN CUSTODY AS A SUSPECT FOR HUSBAND'S SHOOTING

Image : SUPPLIED, left a frame of the EMPD badges and Banele Skosana in uniform, middle Sbongile Dlamini, the accused wife of Banele Skosana and Right, Banele Skosana in uniform.  Lurnay Tshabalala-Mavuso | Senior Reporter | News & Current Affairs | 18 February 2025  The 7th & 14th of February 2025 will be dates that the Skosana family in Kwa-Thema (Ekurhuleni) will never forget. On the 7th of February, Banele Skosana (32) was brutally shot at as he was opening his shop in Vilakazi Street, Kwa-Thema. Skosana was a respected officer of the Ekurhuleni Metro Police Department (EMPD), a respected member of the community and an entrepreneur at the very same time. Though this date marked a sad tragedy for the Skosana family as they had to prepare for the tragic loss of their beloved son and brother. Upon the death of Banele Skosana, the HAWKS and EMPD worked day and night to find the suspects and by the grace of God they did and one of them confessed to being in...

OPINION | MUSA KHAWULA IN CUSTODY FOR ATTEMPTED MURDER & RECKLESS DRIVING

Image Supplied : IOL News Article screenshot, article by Sinenhlanhla Masilela (IOL Reporter) Lurnay Tshabalala-Mavuso | Senior Reporter | OPINIONS | 22 February 2025  OPINION | Musa Khawula In Custody for Attempted Murder & Reckless Driving   For a celebrated Celebrity Basher like him this is way too low but then what can you expect from someone who lacks journalistic ethics and let alone proper knowledge and qualification. Even as a gossip blogger or whatever he calls himself, there is an ethical way and route to take where you can get fact-proven information that is meant to be just gossip not image tarnishing or harmful.  Musa Khawula does not gossip but he writes things that seek to destroy people's lives and images they have worked so hard to build just so he can build an image for himself (which he did). Now he was found half naked in his lower body standing outside of his car while there was a man dressing up inside his car moving to the fron...